E! Nkos’ angifanele
E! Nkos’ angifanele
Ukwamukela wena.
Aw’ ngenze ngifanele
Ngicela kuwe Nkosi.
Vumake ukungena
Kimina oyisoni.
Woza ke Jesu wami,
Uzohlala kimina.
Ngizinikela kuwe,
Ukuba ngib’ owakho.
Ngiphila ngawe Nkosi,
Wena Ntokozo yami.
E! Sidlo esimnandi
E! Sinkwa sokuphila.
Ngikhweze ngisekhona,
Nasekufeni kwami.