Thina bantu
Thina bantu, asidumise
Amaqhawe aseLuganda;
Akholwa kuyuNkulunkulu
Alalela kahle kuye.
Abeka ithemba lawo kuye
Amthanda ngamandla onke.
Ayethaba nokwethaba e
ezulwini naphakade.
Thina bantu, asidumise
Amabuto kaJesu Kristo
Izilingo zonke zenkosi
Embi impela.
Azahlula izinhliziyo zawo
Zahlala zingenasono.
Ayethaba nokwethaba e
ezulwini naphakade.
Thina bantu asidumise
Amakholwa aqinileyo
Adela umkhonto nommese
Adel’ induku nomlilo.
Afisela bonke ukufela
uJesu umfeli wabo.
Ayethaba nokwethaba e
ezulwini naphakade.