Ngahlubuka kuwe

Ngahlubuka kuwe Nkosi ngakushiya
Ngiyazisola ngokukushiya kwami.
Vum’ ukungithethelela.

Ngangithanda okwomhlaba ngakukhohlwa
Kodwa manje sengibon’ ububi bami.
Shwele, Nkosi, ngixolele.

Ake ungihlanz’ izono, ibe mhlophe,
Inhliziyo yami ifane neliqhwa.
Ibuhlungu iyakhala.

Nguvumele futhi ngibe umntwana wakho,
Ngikukhonze ngenhliziyo yami yonke,
Angisoze ngakushiya.

Leave a Reply

Lillo tsa ka

01/08/2017