Ngikhuleka kuwe Nkulunkulu

Ngikhuleka kuwe Nkulunkulu
Wen’ ofihlekile elathini.
Ngizithoba ngenhliziyo yonke
Phambi kwakho, Nkosi yobukhosi.

Alleluya, alidunyiswe libongwe njalo
iSakramente eliyingcwele leselathini.

Noma ucashel’ amehlo ami,
Inhliziyo iyakuzwa nokho,
Ngikholiwe izwi lakho Jesu,
Nkulunkulu Mninimandla onke.

UbuNkulunkulu bakho bodwa
Babufhlekile onqamlezweni,
Kepha elathini lucashile
Lonk’ uqobo lwakho Jesu Nkosi.

Nokho ngiyakholwa kuwe Jesu,
Ngikhuleka njengesela lelo,
Elanqanyulezwa kanye nawe,
Ngithi ngihuwukele Jesu wami.

Amanxeba akh’ angiwaboni
NjengoTomas owakholwa ngawo,
Kodwa nokho ngiyavum’ ukuthi
UnguNkulunkul’ iNkosi yami.

Ake uqinis’ ukholo lwami,
Uqinise nokuthemba kwami,
Uvuthel’ enhliziyweni yami
Elangabi lokuthanda wena.

E! Sikhumbuziso esingcwele
Sokuzinikela kukaJesu
Ehlawul’ ezono zethu zonke,
Esifela esiphambanweni.

Sinkwa semiphefumulo yethu,
Esiphila sephilisa futhi:
Ngiphilise ngokuphila kwakho,
Ngize ngiphilele wena wedwa.

Jes’ owoph’ igazi lonke ngami,
Ake ungihlanz’ izono zami,
Ngalo lelogazi lakh’ elihle,
Elaphum’ enhliziyweni yakho.

Leave a Reply

O Salutaris Hostia

23/07/2017

Kabelo

23/07/2017