O! hamba kahle
O! hamba kahle, sihlobo sethu,
Usuphumile osizini lwalomhlaba;
Sowuy’ ekhaya le ezulwini,
KuBaba wethu okubizile.
Nakhu sikhala izinyembezi
Sesibuhlungu,ngoba sesikwamukiwe;
Kepha intando ka Baba wethu
Mayidunyiswe ngekathi yonke.
O! Hamba kahle, sihlobo sethu;
Usuphindele lapho wathatshathwa khona.
Sal’ usulala la elibeni,
Uze uvuke ngolokugcina.
Sesicelela wena sihlobo
KuNkulunkulu onguMninimandla wonke;
Kakuhawukele akungenise
Ekukhanyeni kwasezulwini.