Vuk’ uvuke
Vuk’ uvuke mphefumulo hlabelela amahubo
ubabaze uSomandla uMdabuli wakho konke.
Thokoza-ke ujabule ngoba nakhu kusondele
isikhathi sokufika koMsindisi walomhlaba.
Bheka nansi ingelosi indizela ngasendlini
kuMaria eguqile ethandaza ethobile.
Yath’ ingena yakhuleka yathi: Yethi onenhlanhla,
ngikwazisa okukhulu ngoMsindis’ othenjisiwe.
USomandl’ uPhezukonke ehawukel’ abantu bakhe,
uzothuma uMsindisi abemthembisile kade.
Unenhlanhl’ enkulu wena ngoba nakhu ukhethiwe.
Ngezwi likaNkulunkulu wob’ uMzali wakhe wena.
Wath’ ubezwe lawo mazwi uMaria wamangala,
ngenhliziyo ebongayo wathobel’ uNkulunkulu.
Wathi: Ngiyincekukazi kaSomandl’ uNkulunkulu.
Akwenzeke kimi lokho njengokusho koPhezulu.
Vuk’ uvuke mphefumulo uhlangane noMaria,
uyitus’ iNkosi nawe njengalok’ akwenza yena;
uyibonge ngokulonda imithetho yoMsindisi
owazalwa nguMaria iVirigo elimsulwa.