- Uncategorized
- Zulu Hymns
E! Maria akungizwe
E! Maria akungizwe mina mntwana wakh’ ompofu. Ngisekude nawe Mame, gisahlezi osizini. Mlondi wami onamandla, Mame onomus’ omkhulu, Ngiyancenga ungihlenge kuzo zonke izingozi. Ngenhliziyo yami yonke ngiyafis’ ukuba nawe. Uze kimi mhla ngifayo, ungiyise ezulwini.