Engelosi engilonda

Engelosi engilonda Ebusuku nase mini, Unomusa ngiyabonga Ngobubele bakho kimi. Langiduka ongavumi, Yinqondise idlela yami. Ongavumi ndigene kokubi, Ngivikele mlondli wami. Wophumuza umoya wami Umasengiseku’feni Ungiyise ekhaya lami, Ngiphumule ebuhleni.

Wozanini nonke

Wozanini nonke, Nant’iSakramente, Alimis’uJesu Kristu, Kuze simkhumbule. Nans’iNyama yakhe, Nant’iGazi lakhe, Oyidlayo, aliphuze, Uzaphila njalo. Nguye osimemayo, Uthi wozanini, Nonk’elihluphekile, Ngililulamise. Thethelel’ izono, Esakona ngazo: Siqinise siph’amandla, Singakoni futhi. Sibusise Jesu, Usilonde njalo; Khona sothi mhla sifayo, Samukelwe nguwe.

Ngokubhabhadiswa kwami

Ngokubhabhadiswa kwami Ngaphenduka ngab’ ikholwa, Ngaphunyiswa emnyameni Embusweni kasathane. Sengikholwa eBandleni LikaJes’ iNkosi yethu, Yebo ukukholwa kwami Yikho ukwenama kwami. Ngilikholwa nginoBaba; OyiNkos’ enkul’ impela, Wangithola, ngab’ owakhe, Wongihlab’ inhlanhla yonke. Sengikholwa eBandleni LikaJes’ iNkosi yethu, Yebo ukukholwa kwami Yikho ukwenama kwami. […]

E! Nkanyezi enhle

E! Nkanyezi enhle, sango laphezulu. Nin’ obongekayo, kaNkulunkulu. Ak’ usibheke ngomusa, usicelele ku Jesu, yethi Mame wethu. Sesiphinda izwi lengelosi sithi: Unenhlanhla wena, Nina woMsindisi. Ak’ usibheke ngomusa, usicelele ku Jesu, yethi Mame wethu. Yihl’ usikhulule kuko konk’ okubi, esibanjwe yikho ngamacala […]

Yethi Nkosikazi

Yethi Nkosikazi yethu,E! Maria. Unomusa nobubele E! Maria. E! zingelosi, hubani nithi, Yethi Nkosikazi, Yethi, Yethi, Yethi Maria. Inhliziyo zethu Mame, E! Maria. Seziqonde kuwe njalo, E! Maria. E! zingelosi, hubani nithi, Yethi Nkosikazi, Yethi, Yethi, Yethi Maria. Thin’ esisesemhlabeni E! Maria, […]

Mame wethu

Mame wethu, ocwebile, Virigo elinobohle. Wen’ okhethiweyo, odumisekayo Ak’ usize thin’ esingabakho. Nsizo yethu bheka kithi, Usisize Maria. Sicelel’ umusa kumntanakh’ uJesu Ak’ usize thin’ esingabakho. Nakhu thina sihlupheka Sixobiswa insizi. Siphuthume Mame, ensizini zethu. Ak’ usize thin’ esingabakho.

Maria mandla ami

Maria mandla ami, ake ingiqinise. Ngibambelele kuyo indlela yokulunga. Umphefumulo wami, wubheke uwulonde, ungaze ungcoliswe isono esinzima. Maria Mlondi wami ake ungivikele, La ngivelelw’ ingozi yomphefumulo wami. Umphefumulo wami, wubheke uwulonde, ungaze ungcoliswe isono esinzima. Maria themba lami, ake ungicelele eNdodaneni yakho […]

E! Mame

E! Mame, nina woMsindisi, Sibheke thina bakaJesu Oyena wasibeka kuwe, Ukuba ub’ uMame wethu. Maria, sobinis’ uJesu, Umntwana wakho onomusa. Sengathi nathi singamgona, Njengoba wawumgona wena. Virigo elicwebileyo, Elihle kunezingelosi, Sihlenge engozini zonke, Singaze sisondele kuzo. E! Mame, awosikhumbula Mhlazane simukayo lapha, […]

E! Bandla lamakholwa

E! Bandla lamakholwa, wozani simtuse. UNina ocwebile kaJesu iNkosi. Nina ocwebile, woMsindisi wethu Sithi: E! Nkosikazi, mana njalo njalo. Njengoba ingelosi yakubingelela, Kanjalo namakholwa enzisa okwayo, Nina ocwebile, woMsindisi wethu Sithi: E! Nkosikazi, mana njalo njalo. Ugcwele igrasia, iNkosi inawe: Ubusisiwe wena […]

Kwake kwathi uMaria

Kwake kwathi uMaria esabong’ iNkosi. Ingelos’ uGabriele yeza kuye yathi: Yethi, Yethi, Yethi Maria. Yethi, Yethi, Yethi Maria. Yab’ isithi: “E! Maria, unenhlanhla wena, ngoba nakhu uzozala uMsindis’ uJesu.” Yethi, Yethi, Yethi Maria. Yethi, Yethi, Yethi Maria. Wabesethi uMaria: “Ngilalel’ iNkosi; Akwenzeke […]